Skip to Content

IzAga Chapter 14

1 Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe , kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe. 2 Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela. 3 Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso , kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza. 4 Lapho kungekho khona izinkomo , umkhombe awunalutho , kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi. 5 Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga , kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga. 6 Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi , kepha ukwazi kulula koqondayo. 7 Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi. 8 Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe , kepha ubuwula beziwula buyinkohliso. 9 Iziwula ziyadelela umnikelo wecala , kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile. 10 Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo. 11 Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma. 12 Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu , kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. 13 Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu, nokuphela kwentokozo kulusizi. 14 Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe , nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe. 15 Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke , kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe. 16 Ohlakaniphileyo uyesaba , udeda eb ubini, kepha isiwula siyaqhosha , singanaki lutho. 17 Isififane siyenza ubuwula, kepha umuntu wamasu unokuthula. 18 Abangenalwazi badla ifa lobuwula , kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi. 19 Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo. 20 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe , kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo. 21 Odelela umakhelwane wakhe uyona , kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe. 22 Angithi bayaduka abaceba okubi na ? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle. 23 Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. 24 Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo , umgexo weziwula ungubuwula. 25 Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo , kepha ophafuza amanga unenkohliso. 26 Ekumesabeni uJehova kukho na ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo. 27 Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezingibeni zokufa. 28 Udumo lwenkosi lungobuningi babantu , kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu. 29 Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi , kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. 30 Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama , kepha umhawu ungukubola kwamathambo. 31 Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe , kepha onomusa koswelayo uyamdumisa. 32 Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe. 33 Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda , kepha phakathi kweziwula akwaziwa. 34 Ukulunga kuyaphakamisa isizwe, kepha ukona kuyihlazo kubantu. 35 Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda , kepha intukuthelo yayo i yakuba kwehlazisayo.