IzAga Isahluko 16
1
Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
2
Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe , kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
3
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.
4
UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho ; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.
5
Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova ; impela abayikuyekwa.
6
Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.
7
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
8
Okuncane kanye nokulunga kungcon o kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9
Inhliziyo yomuntu iceba indlela , kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10
Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi ; umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11
Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova; zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12
Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini , ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13
Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi ; amazwi abaqotho ayawathanda.
14
Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa , kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15
Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila , nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16
Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17
Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini ; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18
Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa , nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19
Kungcono ukuba nomoy a othobekileyo kan ye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.
20
Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
21
Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo , nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.
22
Ukuqonda kungumthombo wok uphila konakho , kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.
23
Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe , yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24
Amazwi amahle anjengamakhekheba oju ; amnandi emphefumulweni , ayimpiliso emathanjeni.
25
Kukhona indlela eqond ile phambi komuntu , kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
26
Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27
Umuntu omubi uphanda okubi , nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana , nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
29
Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe , amhambise endleleni engenhle.
30
Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo , noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31
Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.
32
Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe , nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
33
Inkatho yenzelwa emathangeni , kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.