Skip to Content

IzAga Chapter 27

1 Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku. 2 Makakudumise omunye , kungabi ngumlomo wakho , kube ngumfokazi , kungabi yizindebe zakho. 3 Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima , kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili. 4 Ulaka lulunya nentukuthelo iyi sikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na? 5 Ukusola okusobala kungcono kunothando olufihliweyo. 6 Amanxeba othandayo athembekile, kepha ukwanga kwesitha kuyachichima. 7 Umphefumulo osuthiyo uyanengwa yizinyosi , kepha emphefumulweni olambileyo konke okubabayo kumnandi. 8 Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe. 9 Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo ; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo. 10 Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo , ungangeni endl ini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude. 11 Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yam i ukuba ngiphendule ongisolayo. 12 Oqondileyo uyabona ububi , acashe, kepha abangenalwazi badlula nje , bahlupheke ngakho. 13 Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe. 14 Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu , evuka ekuseni , kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso. 15 Ukuconsa okunganqamukiyo ngosuku lwemvul a nowesifazane oxabanayo kuyafana. 16 Omvimbela yena uvimbela umoya ; isandla sakhe sokunene sihlangana namafutha nje. 17 Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye. 18 Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo , nolinda inkosi yakhe uyakudunyiswa. 19 Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso , injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. 20 Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi. 21 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva , nesithando ngesegolide , nomuntu unjengodumo lwakhe. 22 Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso. 23 Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho , ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho. 24 Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade ; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na? 25 Lapho utshani bumuka, nohlaza lubonakala, nemifino yezintaba ibuthwa, 26 kukhona izimvu zokuba wembathe , nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba. 27 Kuyakuba khona ubisi lwezimbuz i olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, nokuphila kwamantombazana akho.