IzEnzo Isahluko 11
1
Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.
2
Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,
3
bathi: Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.
4
Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:
5
Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka ; ngehlelwa yisiyezi , ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu , yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.
6
Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.
7
Ngezwa izwi lithi kimi: Sukuma, Petru; hlaba, udle.
8
Kepha ngathi : Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.
9
Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili , lathi: Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.
10
Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.
11
Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.
12
UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho . Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.
13
Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo , ithi: Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru
14
ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo , wena nendlu yakho yonke.
15
Ngathi ngisaqala ukukhuluma , uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.
16
Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.
17
Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?
18
Bathi ukuzwa lokho , bathula, badumisa uNkulunkulu , bathi: Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni. Amakholwa ase-Antiyokiya athiwa amaKristu
19
Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.
20
Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakum aGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
21
Isandla seNkosi sasinabo ; kwakholwa abaningi kakhulu , baphendukela eNkosini.
22
Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema ; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;
23
wathi u kuba afike , abone umusa kaNkulunkulu , wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.
24
Ngokuba wayeyindoda enhle , egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa ; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
25
UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu;
26
kwathi esemfumene , wamyisa e -Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni , befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu. AmaKristu athumela izipho kubazalwane baseJudiya
27
Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.
28
Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu -Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke ; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.
29
Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.
30
Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.