IzEnzo Isahluko 14
1
Kwathi e -Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda , bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.
2
Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe , babenza nhliziyombi ngakubazalwane.
3
Nokho bahlala isikhathi eside , befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafa kazela izwi lomusa wayo , ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
4
Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi , abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.
5
Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe,
6
bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,
7
bashumayela khona ivangeli. UPawulu ushumayela eListra
8
EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.
9
Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma . Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,
10
wathi ngezwi elikhulu : Sukuma, ume ngezinyawo zakho . Yayisigxuma, yahamba.
11
Kwathi-ke izixuku zikubona l okho akwenzile uPawulu , zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.
12
UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri , uPawulu ngokuthi uMerkuriyu , ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni.
13
Kepha umpristi kaJupitheri oth empeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni , wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.
14
Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu , baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza
15
bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,
16
othe ngezizukulwane ezidlulileyo way eka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.
17
Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle , waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala , egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.
18
Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli. UPawulu ushumayela e-Antiyokiya
19
Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe , bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.
20
Kepha kwathi abafundi bembunganyele , wavuka, wangena emzini . Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.
21
Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi , bezuzile abafundi abaningi , babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,
22
baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni , bethi: Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.
23
Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla , bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.
24
Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya.
25
Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.
26
Basuka lapho ngomkhumbi , baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile.
27
Kwathi ukuba bafike , balibutha ibandla , balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.
28
Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.