Skip to Content

IzEnzo Chapter 19

1 Kwathi u -Apholo eseKorinte , uPawulu wafika e -Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, 2 wathi: Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na ? Bathi kuye: Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele. 3 Wathi: Pho, nabhapathizelwa kukuphi na? Base bethi: Kukho ukubhapathiza kukaJohane. 4 UPawulu wayesethi: UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe , kungukuthi uJesu. 5 Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. 6 Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha. 7 Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke. 8 Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu. 9 Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli , bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu. 10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili , baze balizwa i zwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki. 11 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, 12 baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe , bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma. 13 Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda , abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu. 14 USkeva othile , umJuda, umpristi omkhulu , wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. 15 Kepha umoya omubi waphendula , wathi kuwo : UJesu ngiyamazi , noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na? 16 Lowo muntu onomoya omubi wabadumela , wahlula ababili , wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele. 17 Lokho kwez wakala kubo bonke abakhileyo e -Efesu, abaJuda namaGreki , ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; 18 nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo. 19 Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. 20 Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba. 21 Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto , uPawulu wazimisela emoyeni uku ya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne -Akhaya, wathi: Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma. 22 Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no - Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya. Isiphithiphithi sikaDemetriyu 23 Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela. 24 Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu , umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane, 25 waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu, 26 kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e -Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga , ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla. 27 Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliy into yalutho , nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela , yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke. 28 Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: Mkhulu uDiyana wabase-Efesu. 29 Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi , batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela , babamba oGayu no -Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu. 30 Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu , abafundi abamvumelanga. 31 Nabanye bababusi base -Asiya, bengabahlobo bakhe , bathumela kuye , bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela. 32 Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye ; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani. 33 Base bekhipha u -Aleksandru esixukwini , abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. 34 Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda , bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: Mkhulu uDiyana wabase-Efesu. 35 Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: Madoda ase -Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase -Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na? 36 Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe , kufanele nithule , ningenzi lutho ngamawala. 37 Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu. 38 Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala , bakhona nababusi ; mabamangalelane. 39 Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho , kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo. 40 Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla , lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili. 41 Eseshilo lokho walimukisa ibandla.