Skip to Content

IzEnzo Chapter 21

1 Kwathi sesimukile kubo , sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara; 2 sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka. 3 Kwathi sekuqhamuke iKhupro , sesilishiyile ngakwesokhohlo , saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla. 4 Safumana abafundi , sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa ; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema. 5 Kwathi sesiqedile lezo zinsuku , saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana , kwaze kwaba ngaphandle komuzi ; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka, 6 savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya. 7 Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. 8 Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya , sangena en dlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye. 9 Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo. 10 Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana , kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu; 11 yena wafika kithi , wathatha uqhotho lukaPawulu , wazibopha izinyawo nezandla, wathi: Usho njalo uMoya oNgcwele , uthi: U muntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema , bamkhaphele ezandleni zabezizwe. 12 Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo nd awo ukuba angakhuphukeli eJerusalema. 13 Khona uPawulu waphendula wathi : Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na ? Ngokuba sengilungele , kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu. 14 Engenakuvunyiswa, sathula sathi: Mayenziwe intando yeNkosi. UPawulu eseJerusalema 15 Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema; 16 kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe. 17 Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula. 18 Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe ; namalunga onke ayekhona. 19 Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe. 20 Sebekuzwile lok ho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye : Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho; 21 sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose , uthi mabangasoki abantwana babo , bangahambi ngamasiko. 22 Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile. 23 Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe : Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo; 24 wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho. 25 Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe , negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe. 26 Khona uPawulu wawathatha lawo madoda , ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo , wangena ethempelini , wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa 27 Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa , abaJuda base -Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye, 28 bamemeza bathi : Madoda akwa -Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nes izwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki , wayingcolisa le ndawo engcwele. 29 Ngokuba babebonile ngaphambili uTrofimu wase -Efesu enaye emzini , ababesho ngaye ukuthi uPawulu umngenisile ethempelini. 30 Umuzi wonke wanyakaziswa , abantu bagijimela ndawonye , bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli ; iminyango yavalwa masinyane. 31 Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza; 32 yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu. 33 Khona induna yenkulungwane yasondela , yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni. 34 Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu. 35 Esefikile esikhwelweni , kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku; 36 ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: Msuseni! 37 Esezakungeniswa ekamu uPawulu wathi enduneni yenkulungwane : Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na? Yona yathi: Uyasazi isiGreki na? 38 Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na? 39 Kepha uPawulu wathi : Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya , ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu. 40 Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni , waqhweba abantu ngesandla ; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi: