IzEnzo Chapter 28
1
Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha.
2
Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.
3
Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba , elibeka emlilweni , kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.
4
Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe , bakhuluma bodwa, bathi: Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.
5
Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.
6
Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane , afe. Kepha sebebheka isikhathi eside , bebona ukuthi akafikelwa ngozi , baphenduka bathi ungunkulunkulu. UPawulu uphilisa iziguli
7
Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi , igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.
8
Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo ; uPawulu wangena kuye , wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe , wamphilisa.
9
Kwathi lokho sekwenzekile , beza nabanye abasesiqhingini abanezifo , baphulukiswa,
10
basitusa ngokutusa okuningi ; kwathi mhla simuka ngomkhumbi , basinika esikudingayo.
11
Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase -Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.
12
Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu;
13
sasuka lapho , sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye , kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili. UPawulu ufika eRoma
14
Safumana khona abazalwane , sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.
15
Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona , beza ukusihlangabeza baze bafika e -Aphiyo Foru naseTresi Thaberne ; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.
16
Sesifikile eRoma , uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
17
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo : Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba , nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;
18
wona esengihlolile afuna ukungikhulula , ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;
19
kepha abaJuda bekuphikisa , ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari , kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho.
20
Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone , ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.
21
Base bethi kuye : Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya , akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.
22
Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo , ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.
23
Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
24
Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;
25
kwathi ukuba bangezwani bodwa , bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: Wakhuluma kahle uMoy a oNgcwele ngo -Isaya umprofethi koyihlo
26
ngokuthi: Hamba uye kulesi sizwe , uthi: Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,
27
ngokuba inhliziyo yalesi sizw e seyaba buthuntu ; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.
28
Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.
29
Kwathi eseshilo lokho , abaJuda baphuma ben okuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
30
Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,
31
washumayela umbuso kaNkulunkulu , wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.