KumaHeberu Chapter 12
1
Ngalokho-ke nathi , lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi , sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,
2
sibhekile kuJesu , umqalisi nomphelelisi w okukholwa kwethu , owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
3
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni , ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.
4
Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;
5
senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi : Ndodana yami , ungadeleli ukulaya kweNkosi , uphele amandla, nxa usolwa yiyo,
6
ngokuba iNkosi iyamlaya emthanday o ishaye yile yo naleyo ndodana eyamukelayo.
7
Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana , ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?
8
Kepha uma ningalaywa , abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho , khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.
9
Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?
10
Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo , kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.
11
Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo , kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo
12
Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,
13
nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
14
Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa , ongenakho angeyibone iNkosi;
15
niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,
16
kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo -Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.
17
Ngokuba niyazi ukuthi , nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka , noma ekufunisisa ngezinyembezi.
18
Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo , nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,
19
nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,
20
ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi : Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,
21
yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,
22
kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo , iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,
23
nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini , nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,
24
nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha , nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
25
Bhekani, ningamali okhulumayo ; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni , kakhulu asiyikuphuny uka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,
26
ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa , kepha nezulu futhi.
27
Lokho kokuthi : Kusezakuba kanye kutshengisa uku guqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.
28
Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa , masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa , nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,
29
ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.