KumaHeberu Chapter 7
1
Ngokuba uMelkisedeki lo , inkosi yaseSalema , umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u -Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;
2
u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga , bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,
3
engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu , uhlala engumpristi njalonjalo.
4
Qondani-ke ukuthi ungakanani yena owanikwa okweshumi kwempango ngu- Abrahama ukhokho.
5
Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;
6
kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku -Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso.
7
Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.
8
Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi , kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila.
9
Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama,
10
ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.
11
Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?
12
Ngokuba uma ubupristi buguquliwe , kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.
13
Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare.
14
Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda , isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
15
Ikakhulu kusobala lokho , uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,
16
ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.
17
Ngokuba kufakazwa ngaye ukuthi : Wena ungumpristi kuze ku be phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
18
Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,
19
lokhu umthetho awuphelelisanga lutho , kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.
20
Futhi ngalokho ukuth i akubanga ngaphandle kokufunga -- ngokuba labo kambe babekwa babe ngabapristi ngaphandle kokufunga,
21
kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi : INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: Wena ungumpristi kuze kube phakade.
22
Ngokungakho-ke uJesu waba yisiboniso sesivumelwano esingcono.
23
Kulabo-ke baba baningi ababekwa babe ngabapristi , ngokuba bathiyeka ngenxa yokufa ukuba baqhube njalo;
24
kepha yena , ngenxa yokuba ehlala phakade , unobupristi obungenakuguquka;
25
ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
26
Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina , ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,
27
ongadingi imihla ngemihla njengalab o bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.
28
Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elaland ela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.