Skip to Content

KwabaseGalathiya Isahluko 2

1 Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi. 2 Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe , kepha phambi kwabadumileyo bebodwa , funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize. 3 Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke. 4 Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu , ukuze basenze izigqila, 5 esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela , ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina. 6 Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto -- nokuba babe yini , akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu -- ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho. 7 Kepha kunalokho , lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo, 8 ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe, 9 bathi ukubona umusa engiwuphiweyo , oJakobe noKhefase noJohane , ababaziswa ngokuthi bayizinsika , banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo, 10 kuphela ukuba sikhumbule abampofu , eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza. UPawulu walwela ivangeli emelene noPetru e-Antiyokiya 11 Kepha ekufikeni kukaKhefase e -Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso , ngokuba wayenecala. 12 Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe , wayedla nabezizwe ; kepha kuthe ukuba kufike bona , wamonyuka, wazahlukanisa nabo , esaba abokusoka. 13 Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo. 14 Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli , ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke : Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda , ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na? 15 Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; 16 kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho , kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu , nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama. 17 Kepha uma thina , lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu , nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye. 18 Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo , ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho. 19 Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho , ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; 20 akuseyimi ophilayo , kepha uKristu uphila kimi ; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa , okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 21 Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu , ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.