KwabaseRoma Chapter 10
1
Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.
2
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;
3
ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu , befuna ukumisa okwabo , abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.
4
Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu , kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
5
Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho.
6
Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi : Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na ? okungukuthi ukwehlisa uKristu,
7
nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na ? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo.
8
Kepha kuthini na ? Izwi liseduze nawe , emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo.
9
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi , ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo , uyakusindiswa;
10
ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga , ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.
11
Ngokuba umbhalo uthi: Lowo okholwayo akayikujabhiswa.
12
Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki , lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,
13
ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.
14
Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na ? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na ? Bayakuzwa kanjani , kungekho oshumayelayo na?
15
Bayakushumayela kanjani , uma bengathunywa na ? Njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.
16
Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli . Ngokuba u -Isaya uthi : Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?
17
Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa , ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
18
Kepha ngithi : Abezwanga yini na ? Yebo, impela: Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.
19
Kepha ngithi : U-Israyeli wayengaqondi na ? Kuqala, uMose uthi : Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe , nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.
20
Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi: Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.
21
Kodwa ngo -Israyeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zam i kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.