NgokukaJohane Chapter 8
1
Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo.
2
Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini ; abantu bonke beza kuye ; wayesehlala phansi, wabafundisa.
3
Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga ; sebemmise phakathi kwabo,
4
bathi kuye: Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga.
5
Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe . Pho, wena uthini na?
6
Bakusho lokho bemlinga , ukuze babe nokummangalela . Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.
7
Wathi besambuza njalo , walulama, wathi kubo : Ongenasono pha kathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.
8
Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.
9
Bathi ukuzwa lokho , belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye , beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina , uJesu wasala yedwa ; nowesifazane wayemi khona.
10
UJesu wayeselul ama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?
11
Wayesethi: Akakho, Nkosi. Wathi-ke uJesu kuye: Nami angikulahli; hamba, ungabe usona. Ukukhanya kwezwe
12
Ngakho uJesu waphinda wakhu luma kubo , wathi: Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni , kodwa woba nokukhanya kokuphila.
13
Khona bathi kuye abaFarisi : Uyazifakazela wena ; ubufakazi bakho ubuqinisile.
14
UJesu waphendula, wathi kubo: Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi ; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.
15
Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu.
16
Nakuba ngahlulela , ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo , ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo.
17
Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.
18
Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.
19
Base bethi kuye: Uphi uyihlo na? UJesu waphendula ngokuthi: Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.
20
Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo , ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
21
Khona waphinda wathi kubo : Ngiyamuka mina , niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.
22
Base bethi abaJuda : Imbala uzakuzibulala yini , lokhu ethi : Lapho ngiya khona mina, ningeze nina, na?
23
Wathi kubo: Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.
24
Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu ; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.
25
Base bethi kuye: Wena ungubani na? Wathi kubo uJesu: Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.
26
Nginezinto ezini ngi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani , kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.
27
Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.
28
Wayesethi uJesu : Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu , khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokut hi angenzi lutho ngokwami , kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.
29
Ongithumileyo unami , kangishiyanga ngedwa , ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye. UJesu uphendulana nabaJuda ngo-Abrahama
30
Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.
31
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye : Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
32
niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
33
Bamphendula bathi : Siyinzalo ka-Abrahama thina , asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuth i: Nizakuba ngabakhululekileyo na?
34
UJesu wabaphendula wathi : Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
35
Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.
36
Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
37
Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka -Abrahama; kepha nifuna ukungibulala , ngokuba izwi lami lingenandawo kini.
38
Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba ; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.
39
Baphendula, bathi kuye : Ubaba ngu -Abrahama. UJesu wathi kubo : Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.
40
Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso , engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.
41
Nina nenza imisebenzi ka yihlo. Bathi kuye : Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.
42
Wathi kubo uJesu : Uma uNkulunkulu ebenguyihlo , beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu ; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile.
43
Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.
44
Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.
45
Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi.
46
Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na ? Uma ngikhuluma iqiniso , anikholwa yimi ngani na?
47
OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.
48
Baphendula abaJuda, bathi kuye: Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?
49
UJesu waphendula wathi: Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza.
50
Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo.
51
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.
52
Bathi kuye abaJuda : Manje sesiyazi ukuthi unedemoni ; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi : U ma umuntu e gcina izwi lami , kasoze akuzwa ukufa naphakade.
53
Wena umkhulu yini kunobaba u -Abrahama osewafa na ? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?
54
UJesu waphendula wathi : Uma ngizidumisa mina , udumo lwami luyize ; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.
55
Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.
56
U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami , walubona, wajabula.
57
Base bethi kuye abaJuda : Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu , kanti u-Abrahama usuke wambona na?
58
UJesu wathi kubo : Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Engakabikho u - Abrahama, ngangikhona mina.
59
Base bethatha amatshe ukuba bamkhande . Kepha uJesu wasithela , waphuma ethempelini.