NgokukaLuka Chapter 19
1
Wangena eJeriko, wadabula khona.
2
Bheka, kwakukhona indoda , igama layo linguZakewu , ingumthelisi omkhulu, icebile.
3
Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani ; yahluleka ngenxa yesixuku , ngokuba yayimfushane.
4
Yagijimela phambili , yakhwela emthombeni ukuba imbone , ngokuba ebezakudlula ngakhona.
5
Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.
6
Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.
7
Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: Uye kungenisa kwandoda eyisoni.
8
Kodwa uZakewu wa sukuma, wathi eNkosini : Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami ; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.
9
UJesu wathi kuye : Namuhla insindiso ifikile kule ndlu , lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.
10
Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo. Omina* abayishumi (Math. 25:14)
11
Kuthe ukuba bakuzwe lokho , weleka walandisa umfanekiso , ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.
12
Wathi-ke: Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye.
13
Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi , wazinika omina abayishumi, wathi kuzo: Hwebani ngabo, ngize ngibuye.
14
Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda , bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.
15
Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.
16
Yavela-ke eyokuqala, yathi: Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.
17
Wathi kuyo : Kuhle-ke, nceku enhle ; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.
18
Yafika neyesibili, yathi: Umina wakho, Nkosi, uzuze omina abayisihlanu.
19
Wathi nakuleyo: Nawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu.
20
Kwafika nenye , yathi: Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwe endwangwini.
21
Ngokuba bengikwesaba , lokhu ungumuntu olukhuni ; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga.
22
Wathi kuyo : Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi . Ubuwazi u kuba ngingumumtu olukhuni , ngithabatha engingakubekanga , ngivuna engingakuhlwanyelanga;
23
awufakanga ngani imali yami ebhange , mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?
24
Wayesethi kwababemi khona : M aphuceni umina , nimnike onawomina abayishumi.
25
Kepha bathi kuye: Nkosi, unawomina abayishumi.
26
Ngithi kini : Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho.
27
Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo , ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.
28
Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema. UJesu ungena eJerusalema (Math. 21:1; Mark. 11:1; Joh. 12:12)
29
Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,
30
ethi: Hambani niye emzaneni obhekene nani , nothi ukuba ningene kuwo , nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe , okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe.
31
Uma umuntu enibuza ethi: Nilithukululelani na? anothi: INkosi iyalidinga.
32
Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo.
33
Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: Nilithukululelani ithole na?
34
Bathi: INkosi iyalidinga.
35
Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole , bamkhwelisa uJesu.
36
Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni.
37
Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,
38
sithi: Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi , ukuthula ezu lwini nenkazimulo kweliphezulu!
39
Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye : Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.
40
Waphendula wathi: Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.
41
Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.
42
Wathi: Sengathi nga wa zi nawe ngalolu suku okokuthula . Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.
43
Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,
44
zikuwise phansi , wena nabantwana abakuwe , zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho , ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho. Ukuhlanzwa kwethempeli (Math. 21:12; Mark. 11:15)
45
Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo,
46
wathi kubo : Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka , kepha nina niyenze Umhume wabaphangi .
47
Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla . Kepha abapristi abakhulu , nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala.
48
Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani , ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.