Skip to Content

NgokukaLuka Chapter 8

1 Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili 2 nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa, 3 noJowana umkaKhuza, induna kaHerode , noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo. 4 Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi , wakhuluma ngomfanekiso, wathi: 5 Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe . Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni ; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla , zayiqeda. 6 Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama. 7 Enye yawela phakathi kwameva , kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo , ayiminyanisa. 8 Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe. 9 Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? 10 Wathi-ke: Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu , kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni , bezwa bangaqondi. 11 Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. 12 Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile , bese kufika uSathane , alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. 13 Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile , balamukele izwi ngokuthokoza ; kepha laba kabanampande , bakholwa isikhasha na nje , kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. 14 Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile , bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila , bangatheli izithelo ezivuthiwe. 15 Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi , balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela. 16 Akakho othi esokhela isibani , asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. 17 Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlal uka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. 18 Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani ; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa ; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Math. 12:46; Mark. 3:31) 19 Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. 20 Wabikelwa ukuthi: Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona. 21 Kepha waphendula, wathi kubo: Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze. Ukuthuliswa kwesivunguvungu (Math. 8:23; Mark. 4:35) 22 Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini , yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya kolwandle . Basuka- ke. 23 Kuthe besahamba ngomkhumbi , walala ubuthongo ; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini. 24 Base besondela , bamvusa bathi : Nkosi, Nkosi, safa. Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. 25 Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20) 26 Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. 27 Esephumele emhlabathini , kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyi sikhathi eside ingembathi ngubo , ingahlali endlini kodwa emathuneni. 28 Isimbona uJesu yadazuluka , yawa phansi phambi kwakhe , yathi ngezwi elikhulu: Nginamsebenzi muni nawe Jesu , Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi. 29 Ngokuba waya la umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu . Ngokuba wayesembambe kaningi ; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. 30 UJesu wambuza wathi: Ungubani igama lakho? Wathi: ULegiyona, ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. 31 Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. 32 Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni ; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. 33 Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. 34 Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo , babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. 35 Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo , bafika kuJesu , bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehle zi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. 36 Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. 37 Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo , ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu ; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. 38 Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye ; kodwa wayimukisa, ethi: 39 Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Mark. 5:21) 40 Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela ; ngokuba bonke babembhekile. 41 Bheka, kwafika indoda , nguJayiru igama layo , ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezin yaweni zikaJesu , yamncenga ukuba angene endlini yayo. 42 Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili , yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. 43 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili , esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, 44 weza ngasemuva , wathinta umphetho wengubo yakhe ; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. 45 UJesu wathi : Ngubani ongithintileyo na ? Bephika bonke , wathi uPetru nababe naye: Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele. 46 Kepha uJesu wathi : Ukhona ongithintileyo , ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi. 47 Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka , weza ethuthumela , eziphonsa phansi phambi kwakhe , walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. 48 Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula. 49 Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge , wathi kuye : Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi. 50 Kepha uJesu ekuzwa lokho w amphendula wathi : Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda. 51 Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye , kuphela oPetru , noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. 52 Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: Ningakhali; ayifile, kodwa ilele. 53 Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. 54 Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: Ntombazana, vuka! 55 Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. 56 Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.