Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 12

1 Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso , ethi: Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo , wakha isiqongo sokulinda , wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. 2 Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini. 3 Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze. 4 Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka. 5 Wathuma enye futhi ; yona bayibulala, nezinye ezin ingi: ezinye bazishaya , ezinye bazibulala. 6 Kwase kusele umuntu munye , indodana ethandekayo ; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: Bayakuyazisa indodana yami. 7 Kepha labo balimi bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa ; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu. 8 Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. 9 Uzakwenzani umninisivini na ? Uzakuza, ababhubhise labo balimi , isivini asinike abanye. 10 Aniwufundanga yini lo mbhalo othi : Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; 11 lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu, na? 12 Base befuna ukumbamba , kepha besaba isixuku ; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka. Intela kaKesari (Math. 22:15; Luk. 20:19) 13 Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunye lwa kuye ukuba bamhile ngezwi. 14 Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na? 15 Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo : Ningilingelani na ? Lethani kimi udenariyu, ngimbone. 16 Bamletha. Wayesethi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na ? Bathi kuye: NgokaKesari. 17 UJesu wathi kubo : Nikani uKesari okukaKesari , noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 22:23; Luk. 20:27) 18 Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo , bambuza bathi: 19 Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe , amvusele umfowabo inzalo. 20 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo. 21 Nowesibili wamthatha ; naye wafa engashiyanga nzalo ; kanjalo nowesithathu. 22 Abayisikhombisa kab ashiyanga nzalo . Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi. 23 Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo , lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na? 24 UJesu wathi kubo : Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? 25 Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa , abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 26 Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye , wathi: NginguNkulunkulu ka -Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, na? 27 Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu. Umyalo wokuqala (Math. 22:34) 28 Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana , eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na? 29 UJesu waphendula wathi : Owokuqala ngowokuthi : Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. 30 Woyithanda iNkosi , uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho , nangawo wonke umphefumulo wakho , nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. 31 Owesibili yilo : Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale. 32 Umbhali wayesethi kuye : Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye , ayikho enye ngaphandle kwayo; 33 futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke , nangengqondo yonke , nangamandla onke , nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo. 34 UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda , wathi kuye : Awukude nombuso kaNkulunkulu. Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza. UMesiya nemvelo yakhe (Math. 22:41; Luk. 20:41) 35 Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi : Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 36 UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho. 37 UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula. 38 Ekufundiseni kwakhe wathi : Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, 39 nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo ezingenhla ekudleni, 40 abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa ; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu. Umnikelo womfelokazi (Luk. 21:1) 41 Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo , wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. 42 Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi amabili okuyisitebela. 43 Wayesebabiza abafundi bakhe , wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, 44 ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo , kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.