NgokukaMarku Chapter 7
1
Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.
2
Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe --
3
ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;
4
nanxa bevela endalini , abadli bengakahlambi ; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe , njengokuhlanza izinkezo , nezinkamba, nezitsha zethusi --
5
abaFarisi nababhali bambuza bathi : Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?
6
Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;
7
kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.
8
Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.
9
Wayesethi kubo: Yebo, nichitha umyalo k aNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.
10
Ngokuba uMose wathi : Yazisa uyihlo nonyoko , nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa;
11
kepha nina nithi : U ma umuntu ethi kuyise noma kunina : YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,
12
anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.
13
Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo ; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.
14
Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: Ngizweni nonke, niqonde.
15
Alukho utho olungaphandle k omuntu lungene kuye olungamngcolisa ; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.
16
Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.
17
Kuthe esengene endlini , evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.
18
Wayesethi kubo: Kanti nani ningaban gaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?
19
Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe , kodwa kungena esiswini , kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.
20
Wayesethi: Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu;
21
ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi , nobufebe, nokweba, nokubulala,
22
nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni , neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula.
23
Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu. Owesifazane waseSirofenike (Math. 15:21)
24
Wayesemuka lapho , waya emikhawulweni yaseTire . Wangena endlini , akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala.
25
Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane i nomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe.
26
Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa , wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.
27
UJesu wayesethi kuye : Ake kusuthe abantwana kuqala , ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.
28
Kodwa waphendula , wathi kuye : Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.
29
Wayesethi kuye : Ngenxa yalelo zwi , hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.
30
Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29)
31
UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire , wadabula iSidoni , weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi.
32
Baletha kuye isithulu esinamalimi , bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.
33
Wagudluka naso esixukwini bebodwa , wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,
34
wabheka ngasezulwini , wabubula, wathi kuso : Efatha! okungukuthi: Vuleka!
35
Zase zivuleka izindlebe zaso , wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
36
Wabayala ukuba bangatsheli muntu . Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
37
Bamangala nokumangala , bathi: Wenze kahle konke ; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.