Skip to Content

NgokukaMarku Chapter 9

1 Wayesethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa , baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Luk. 9:28) 2 Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. 3 Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qw a, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. 4 Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu. 5 Wathatha uPetru , wathi kuJesu : Rabi, kuhle ukuba silapha ; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya. 6 Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu. 7 Kwase kufika ifu , libasithibeza; kwavela izwi efwini , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni. 8 Kwathi masinyane beqalaza , ababe besabona muntu , kuphela uJesu yedwa enabo. 9 Besehla entabeni , wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo , iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo. 10 Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo. 11 Base bembuza , bethi: Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na? 12 Wayesethi kubo : Nempela u -Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke ; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na? 13 Kodwa ngithi kini : U-Eliya sewafika , benza kuye abakutha ndayo, njengalokho kulotshiwe ngaye. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Luk. 9:37) 14 Kwathi sebeza kubafundi , babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo. 15 Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo , sagijimela kuye , sambingelela. 16 Wayesebabuza ethi: Nibuzana nabo ngantoni na? 17 Omunye wesixuku wamphendula wathi : Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. 18 Kuthi lapho eyibambayo , uyidonsela phansi , ikhihlize amagwebu , igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka. 19 Waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi. 20 Bayiletha kuye . Kwathi umoya embona , wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu. 21 Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na ? Wathi: Kwasebuntwaneni. 22 Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize. 23 UJesu wayesethi kuye: Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo. 24 Uyise womntwana wayesememeza masinyane , wathi: Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami. 25 UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye , wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye. 26 Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo , baze bathi abaningi: Usefile. 27 Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma. 28 Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa , bathi: Thina besingemkhiphe ngani na? 29 Wayesethi kubo: Lolu hlobo lungephume ngalutho , kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe (Math. 17:22; Luk. 9:43) 30 Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu, 31 ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu. 32 Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. Ubukhulu obuyibo nezikhubekiso (Math. 18:1; Luk. 9:46) 33 Base beza eKapernawume . Kwathi esengene endlini , wababuza wathi : Beniphendulana ngantoni endleleni na? 34 Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. 35 Wayesehlala phansi , wababiza abayishumi nambili , wathi kubo : Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala , makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke. 36 Wayesethatha umntwana , wammisa phakathi kwabo , wamgona, wathi kubo: 37 Yilowo nalowo oyakwam ukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina , ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo. 38 UJohane wayesethi kuye: Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli. 39 Kepha uJesu wathi : Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. 40 Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. 41 Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile n githi kini : Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. 42 Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe , aphonswe elwandle. 43 Uma isandla sakho sikukhubekisa , sinqume; kungcono ungene ekuph ileni uyingini kunokuba uye esihogweni , emlilweni ongacimekiyo , unezandla zombili, 44 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 45 Uma unyawo lwakho lukukhubekisa , lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni , emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili, 46 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 47 Uma iso lakho likukhubekisa , likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili, 48 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. 49 Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo. 50 Usawoti muhle , kepha uma usawoti engasenabusawoti , niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.