Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 11

1 Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili , wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Luk. 7:18) 2 Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, 3 wathi kuye: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na? 4 UJesu waphendula , wathi kubo : Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: 5 Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa , abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 6 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami. 7 Kepha sebemuka laba , uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJ ohane, wathi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 8 Kanti naphuma ukuyobonani na ? Umuntu owembethe ezinothonotho na ? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. 9 Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 10 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi : Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho. 11 Ngiqinisile ngithi kini : Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane u Mbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. 12 Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga. 13 Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha , kwaze kwafika uJohane. 14 Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika. 15 Onezindlebe makezwe. 16 Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na ? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: 17 Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga. 18 Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: Unedemoni. 19 INdodana yomuntu yafika idla , iphuza; bathi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni. Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho. Ukusolwa kwemizi engaphendukanga (Luk. 10:13) 20 Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi: 21 Maye kuwe Korazini ! Maye kuwe Betsayida ! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini , ngakube kad e yaphenduka ngesaka nangomlotha. 22 Kepha ngithi kini : Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini. 23 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na ? Uyakwehliselwa eHayidese ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla. 24 Kepha ngithi kini : Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe. UJesu uyamdumisa uYise, emema abahluphekileyo beze kuye (Luk. 10:21) 25 Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi : Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda , wakwambulela izingane; 26 yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo. 27 Konke ngikunikelwe nguBaba ; akakho owazi iNdodana , kuphela uYise ; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena. 28 Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo , mina ngizakuniphumuza. 29 Bekani ijoka lami phezu kwenu , nifunde kimi , ngokuba ngimnene , ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. 30 Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.