NgokukaMathewu Chapter 17
1
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wa thatha oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.
2
Waphenduka esinye isimo phambi kwabo ; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
3
Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.
4
Wathatha uPetru wathi kuJesu : Nkosi, kuhle ukuba silapha . Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu , elinye libe ngelakho , elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
5
Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza ; bheka, kwavela izw i efwini, lathi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.
6
Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.
7
Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: Sukumani, ningesabi.
8
Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
9
Besehla entabeni , uJesu wabayala wathi : Ningatsheli muntu lowo mbono , ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.
10
Bambuza abafundi, bathi: Pho, basholoni ababhali ukuthi u -Eliya umelwe ukufika kuqala na?
11
Waphendula wathi: Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.
12
Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.
13
Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Mark. 9:14; Luk. 9:37)
14
Sebefikile esixukwini , kweza kuye umuntu , waguqa ngamadolo phambi kwakhe,
15
wathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.
16
Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.
17
UJesu waphendula wathi : O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na ? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.
18
UJesu wayeseyikhuza , idemoni laphuma kuyo ; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
19
Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa , bathi: Thina besingemkhiphe ngani na?
20
Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
21
Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe. Imali yethempeli (Mark. 9:30; Luk. 9:43)
22
Besahambahamba eGalile , uJesu wathi kubo : INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;
23
bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa . Badabuka kakhulu.
24
Kwathi ukuba bafike eKapernawume , abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?
25
Wathi: Uyayithela. Esengene endlini uJesu wamandulela , wathi: Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso , kumadodana awo noma kubafo, na?
26
Wathi: Kubafo. UJesu wayesethi: Ngakho-ke amadodana akhululekile.
27
Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala ; wothi ukuba uyivule umlomo , uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.