NgokukaMathewu Chapter 7
1
Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.
2
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho , nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
3
Ubhekelani ucezwana oluse sweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?
4
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi : Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho.
5
Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho , khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
6
Ninganiki izinja okungcwele , ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo , ziphenduke, ziniklebhule.
7
Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
8
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa , nofunayo uyafumana , nongqongqothayo uzakuvulelwa.
9
Noma ngumuphi umuntu kini ongathi , uma indodana yakhe icela isinkwa , ayinike itshe,
10
noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?
11
Ngakho-ke uma nina enibabi naz i ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.
12
Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini , kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
13
Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.
14
Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni ; bayingcosana abayifumanayo.
15
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.
16
Niyakubazi ngezithelo zabo . Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?
17
Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle , kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
18
Umuthi omu hle ungethele izithelo ezimbi , nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.
19
Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa , uphonswe emlilweni.
20
Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
21
Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi : Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.
22
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku : Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho , sakhipha amademoni ngegama lakho , senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?
23
Khona ngiyaku fakaza kubo ukuthi : Angizange nginazi ; sukani kimi nina benzi bokubi.
24
Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami , awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
25
Layithela imvula , kwafika izikhukhula , kwavunguza imimoy a, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.
26
Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.
27
Layithela imvula , kwafika izikhukhula , kwavunguza imimoya , yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!
28
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe;
29
ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.