Skip to Content

U-Amose Chapter 6

1 Wo kwabazinzileyo eSiyoni , nabalondekile entabeni yaseSamariya , abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli! 2 Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti ; bahle kunale mibuso yini , umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na? 3 nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova. 4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu , bacambalala ezinkukhweni zabo ; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya. 5 Bahaya ngomsindo wogubhu , baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide. 6 Baphuza imikhele yewayini , bazigcoba ngamafutha amahle , kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa. 7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo , kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo. 8 INkosi uJehova izifungile , usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti , yathi: Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe , ngizonda izindlu zakhe zamakhosi ; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo. 9 Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe. 10 Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: Kusekhona muntu kuwe na ? yena esephendula athi : Akusekho, khona wothi : Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova. 11 Ngokuba bhekani , uJehova uyayaleza : uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu. 12 Amahhashi ayagijima emadwaleni , kulinywa elwandle ngezinkabi , na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu , nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane, 13 nina enithokoza ngento engelutho , nithi: Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na? 14 Ngokuba bhekani , ngiyakunivusela isizw e nina ndlu ka -Israyeli, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti ; bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.