Skip to Content

U-Amose Chapter 9

1 Ngayibona iNkosi imi ngase -altare, yathi: Shaya izihloko zezinsika , ukuze imigulugulu izamazame , uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke ; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka. 2 Noma befohla endaweni yabafileyo , isandla sami siyakubakhipha khona ; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona. 3 Noma becasha esiqongweni saseKarmeli , ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle , ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume. 4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo , ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona , ibabulale, ngibeke amehlo ami kub o kube kubi , kungabi kuhle. 5 INkosi uNkulunkulu Sebawot i yiyo ethinta umhlaba , uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo ; uyakukhukhumala wonke njengeNayile , ubuye ubohle njengomfula waseGibithe; 6 yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini , isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle , iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo. 7 Aninjengabantwana bakwaKushe kimi , nina bantwana bakwa -Israyeli, na? usho uJehova . Angikhuphulanga u -Israyeli ezweni laseGibithe , namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na? Insali 8 Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo ; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba , ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe, usho uJehova. 9 Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonk e abezizwe , njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo , kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini. 10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba , zona ezithi : Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele. Ukubuyiswa kuka-Israyeli 11 Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo , ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo, 12 ukuze badle ifa lensali yakwa -Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami, usho uJehova okwenza lokhu. 13 Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu ; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike. 14 Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo. 15 Ngiyakubatshala ezweni labo , bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona, usho uJehova uNkulunkulu wakho.