U-Eksodusi Chapter 16
1
Basuka e -Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe -Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.
2
Lonke ibandla labantwana bakwa -Israyeli lakhonona ngoMose nango -Aroni ehlane.
3
Abantwana bakw a-Israyeli bathi kubo : Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe , lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama , sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala. Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*
4
UJehova wayesethi kuMose : Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma , babuthe isabelo sosuku imihla ngemi hla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.
5
Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise ab akungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.
6
OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.
7
Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova , lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?
8
UMose wathi : Lokhu kuzakwenzeka , lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle , nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe ; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ng azo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.
9
UMose wathi ku -Aroni: Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli ukuthi : S ondelani phambi kukaJehova , ngokuba uzwile izinkonono zenu.
10
Kwathi u -Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli, babheka ngasehlane ; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
11
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12
Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa -Israyeli; khuluma kubo , uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama , kusasa nisuthe isinkwa , nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
13
Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca , zasibekela ikamu ; ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.
14
Esenyukile amazolo akade elele khona , bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.
15
Bakubona abantwana bakwa -Israyeli, bathi omunye komunye : Yini le ? ngokuba babengazi ukuthi kuyini . UMose wathi kubo : Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.
16
Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi : Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe ; anothatha iyomere ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.
17
Abantwana bakwa -Israyeli benze njalo : abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana.
18
Lapho sebelinganisa ngeyomere , yena owayebut he okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga . Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.
19
UMose wayesethi kubo: Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.
20
Kodwa abamlalelanga uMose ; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa , kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.
21
Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla , kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.
22
Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili , amayomere amabili kumuntu munye ; zonke izinduna zomhlangano zafika , zamtshela uMose.
23
Wathi kuzo : Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo : kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova ; yosani lokho eniyakukosa , nipheke lokho eniyakukupheka , nizibekele konke okuseleyo , kulondolozwe kuze kuse.
24
Bakubeka kwaze kwasa , njengalokho eyalile uMose ; akunukanga, akwaba nampethu.
25
Wayesethi uMose : Yidlani lokhu namuhla , ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.
26
Anokubutha izinsuk u eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.
27
Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga.
28
UJehova wathi kuMose : Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?
29
Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha , ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili ; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe , kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.
30
Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.
31
Indlu yakwa -Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana ; kwakunjengembewu yekoriyanderi , kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.
32
UMose wathi : Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi : Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.
33
UMose wathi ku -Aroni: Thatha isitsha, ufake iyomere eligcweleyo lemana , ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.
34
Njengalokho uJehova emyala uMose , kanjalo u -Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.
35
Abantwana bakwa -Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane , baze bafika ezweni elakhiweyo ; badla imana , baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.
36
Iyomere lingokweshumi kwe-efa.