U-Eksodusi Isahluko 30
1
Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.
2
Ubude balo bube yingalo , nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili , izimpondo zalo zibe kunye nalo.
3
Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke.
4
Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili , uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala.
5
Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
6
Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi , ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi , lapho ngiyakuhlangana khona nawe.
7
U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo ; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
8
Nalapho u -Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa , woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.
9
Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo , nangomnikelo wokushiswa , nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.
10
U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka ; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova. Imali yokubuyisana
11
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12
Nxa ubala inani labantwana bakwa -Israyeli ngokwalabo ababalwayo , yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe , lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.
13
Lokhu bayakukuthela , kube yilowo nalowo odlulela kwababal iweyo: inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.
14
Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo , abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
15
Ocebileyo akayikunika kakhulu , ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
16
Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa -Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
17
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18
Uyakwenza umcengezi wethusi , nesinqe sawo sethusi , ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetend e lokuhlangana ne -altare, uthele amanzi kuwo.
19
U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
20
Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e -altare ukuyokhonza , bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
21
mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi , kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo. Amafutha angcwele okugcoba
22
UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
23
Zithabathele amakha amahle, imure eliphumayo lamashekeli angamakhulu ayisihlanu, nokinamona othaphukayo wenxenye yalokho , okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu , nekalamu elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
24
nekasiya lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele , nehini lamafutha eminqumo.
25
Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
26
Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27
netafula nezitsha zalo zonke , nothi lwezibani nezitsha zalo , ne-altare lempepho,
28
ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke , nomcengezi nesinqe sawo.
29
Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu ; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
30
Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe , ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31
Ukhulume kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32
Mawangathelwa emzimbeni womuntu , ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.
33
Yilowo nalo wo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.
34
UJehova wathi kuMose : Zithabathele amakha athaphukayo , inathafi neshehelethe nehelibena, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo , kulingane konke,
35
wenze ngakho impepho , amakha n jengokwenza komthaki , ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;
36
ucolisise enye , uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana , lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.
37
Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo ; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova.
38
Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.