Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 4

1 UMose waphendula wathi : Kepha bheka , abayikukholwa yimi , bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: UJehova akabonakalanga kuwe. 2 Wayesethi kuye uJehova : Kuyini lokhu okusesandle ni sakho na ? Wathi: Yinduku. 3 Khona wathi: Yiphonse phansi. Wayeseyiphonsa phansi. Yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela. 4 Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho , uyibambe ngomsila . Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe -- 5 ukuba bakholwe ukuthi uJehova , uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka- Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ubonakele kuwe. 6 UJehova wathi futhi kuye : Faka isandla sakho esifubeni sakho . Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe ; lapho esesikhipha , bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa. 7 Wayesethi kuye : Buyisela isandla sakho esifubeni sakho . Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe ; kuthe esikhipha esifubeni sakhe , bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe. 8 Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe , bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva. 9 Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili , bengalaleli izwi lakho , uyakukha amanzi omfula , uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo. 10 UMose wayesethi kuJehova : Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho , ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi. 11 UJehova wayesethi kuye : Ngubani owenzile umlomo womuntu na ? Ngubani owenza isimungulu , nesithulu, nobonayo, nempumputhe na ? Akusimina, uJehova, na? 12 Ngalokho hamba ; ngizakuba nomlomo wakho , ngikufundise lokho ozakukukhuluma. 13 Kepha wathi: O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma. 14 Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose ; wathi: Akakho umfowenu u- Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena . Futhi bheka , uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona , uyakuthokoza enhliziyweni yakhe. 15 Uyakukhuluma ku ye, ufake amazwi emlonyeni wakhe ; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza. 16 Uyakukukhulumela kubantu , abe ngumlomo kuwe , wena ube njengoNkulunkulu kuye. 17 Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo. UMose ubuyela eGibithe 18 Wayesehamba uMose , wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe , wathi kuye : Ake ngihambe , ngibuyele kubafowethu abaseGibithe , ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula. 19 UJehova wathi kuMose kwaMidiyani : Hamba ubuyele eGibithe , ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala. 20 UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe , wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe ; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe. 21 UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe. 22 Uyakuthi kuFaro: Usho kanje uJehova , uthi: U-Israyeli uyindodana yami , uyizibulo lami. 23 Ngiyakutshela: Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze , kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho. 24 Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye , wafuna ukumbulala. 25 USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe , waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Impela ungumyeni wegazi kimi. 26 Wamdedela-ke. Khona wathi: Ngumyeni wegazi ngenxa yokusoka. 27 UJehova wayesethi ku -Aroni: Hamba umhlangabeze uMose eh lane. Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga. 28 UMose wamtshela u -Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo , nezibonakaliso zonke amyale ngazo. 29 OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli; 30 u-Aroni wakhuluma onke a mazwi uJehova awakhulume kuMose , wazenza izibonakaliso emehlweni abantu. 31 Abantu bakholwa -ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo , base bekhothama , bakhuleka.