Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 6

1 UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe , nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe. 2 UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: NginguJehova; 3 ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo. 4 Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona. 5 Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa -Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami. 6 Ngalokho yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuthi : NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu. 7 Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami , mina ngibe nguNkulunkulu wenu ; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe. 8 Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u - Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova. 9 UMose wakhuluma -ke kanjalo kubo abantwana bakwa -Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo. 10 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 11 Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe. 12 UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova , wathi: Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga ; uFaro angangilalela kanjani , nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na? 13 UJehova wakhuluma kuMose naku -Aroni ukuba bayale abakwa -Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe. Inzalo kaMose neka-Aroni 14 Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise : amadodana kaRubeni izibulo lika - Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni. 15 Amadodana kaSimeyoni : ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani ; yile imindeni kaSimeyoni. 16 Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo : ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa. 17 Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo. 18 Amadodana kaKohati : ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu. 19 Amadodana kaMerari : ngoMaheli noMushi ; yile imindeni y amaLevi ngezizukulwane zayo. 20 U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise , abe ngumkakhe ; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa. 21 Amadodana kaJisihari: ngoKora, noNefegi, noZikiri. 22 Amadodana ka-Uziyeli: ngoMishayeli, no-Elisafani, noSitri. 23 U-Aroni wazithathela u -Elisheba indodakazi ka -Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 24 Amadodana kaKora: ngo-Asiri, no-Elkana, no-Abiyasafa; yile imindeni kaKora. 25 U-Eleyazare indodana ka -Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo. 26 Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo : Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo. 27 Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni. 28 Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe, 29 uJehova washo kuMo se, wathi: NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe. 30 Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?