U-Esteri Isahluko 1
1
Kwathi emihleni ka -Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e -Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa
2
yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u -Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,
3
ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo , yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili , amaqhawe asePheresiya naseMediya , nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,
4
lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo , nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izi nsuku eziningi , izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
5
Seziphelile lezo zinsuku , inkosi yenzela abantu bonke ab abe khona eShushani endlini yenkosi , abakhulu nabancane , idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.
6
Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza , ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsiken i zamatshe amhlophe ; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.
7
Baphuziswa ngezitsha zegolide , izitsha zahlukene , ezinye nezinye , iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.
8
Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa muntu , ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.
9
Naye uVashiti , inkosikazi, wenzela abesifazane idili endlini yenkosi u - Ahashiveroshi.
10
Ngosuku lw esikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini , yayala oMehumani , noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka - Ahashiveroshi inkosi
11
ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi , abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe , ngokuba wayebukeka kahle.
12
Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu , ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.
13
Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;
14
ababe seduze naye kwakungoKarishena , noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi k obuso benkosi , zihlala emqoka embusweni
15
yathi: Siyakwenze njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho , ngokuba ayenzanga izwi lenkosi u-Ahashiveroshi ngesandla sezinduna, na?
16
UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu : UVashiti, inkosikazi, akonanga enkosini kuphela , kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi u-Ahashiveroshi.
17
Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba ama doda abo adeleleke emehlweni abo , lapho kuthiwa inkosi u- Ahashiveroshi yamyala uVashiti , inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo , kepha akafikanga.
18
Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu.
19
Uma kukuhle enkosini , makuphume izwi lobukhosi , lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u -Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.
20
Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo , amakhulu namancane.
21
Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini ; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;
22
yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi , ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.