U-Esteri Chapter 4
1
UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo , uMoridekayi waziklebhu la izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasaka nomlotha , waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;
2
waya naphambi kwesango lenkosi , ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.
3
Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda , nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi , nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. U-Esteri uyabikelwa indaba. Impendulo yakhe
4
Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
5
U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi , ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?
6
UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi.
7
UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.
8
Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe , ukuze amtshengise yona u -Esteri, amtshele ngayo , amyale ukuba angene enkosini uk unxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.
9
Wafika uHathaki, wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi.
10
Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi:
11
Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enk osini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe , ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zi nsuku ezingamashumi amathathu.
12
Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri.
13
Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku -Esteri ngokuthi : Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke.
14
Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?
15
U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi:
16
Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani , ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini ; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo , ngingene enkosini noma kungengamthetho ; uma ngibhubha, mangibhubhe.
17
Wayesehamba uMoridekayi , wenza njengak ho konke u -Esteri amyale ngakho.