U-Ezra Isahluko 1
1
Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi , inkosi yasePheresiya, ukuba amemezel e embusweni wakhe wonke , alobe futhi ngokuthi:
2
Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya , uthi: UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.
3
Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abant u bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe naye , akhuphukele eJerusalema lakwaJuda , akhe indlu kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, yena onguNkulunkulu waseJerusalema.
4
Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona , mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.
5
Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini , nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.
6
Bonke ababazungezayo basekela izandla zabo ngezitsha zesiliva , nangegolide, nangempahla, nangezinkomo, nangamagugu, kanye nakho konke okwanikelwa ngakho ngenhliziyo.
7
UKoresi inkosi wakhipha izinto zendlu kaJehova , uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema wazibeka endlini yawonkulunkulu bakhe,
8
yebo, zona uKoresi inkosi yasePheresiya wazikhipha ngesandla sikaMithiredati umphathisikhwama , wazibalela kuSheshebasari isikhulu sakwaJuda.
9
Nanku umumo wazo : izingqwembe ezingamashumi amatha thu zegolide , nezingqwembe eziyinkulungwane zesiliva , nawomese abangamashumi amabili nesishiyagalolunye,
10
nezindebe ezingamashumi amathathu zegolide , nezindebe zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi, nezinye izitsha eziyinkulungwane.
11
Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane eziyisihlanu namakhulu amane. Zonke lezo uSheshebasari wazikhuphula ekukhushulweni kwabathunjwa eBabele ukuya eJerusalema.