Skip to Content

U-Ezra Chapter 8

1 Nazi izinhloko zawoyise , nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi: 2 Kumadodana kaFinehasi : nguGereshomu; kumadodana ka -Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi. 3 Kumadodana kaShekaniya , kumadodana kaPharoshi : nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu. 4 Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngu-Eliyohenayi indodana kaZeraya; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili. 5 Kumadodana kaShekaniya: yindodana kaJahaziyeli; kanye nayo ngabesilisa abangamakhulu amathathu. 6 Kumadodana ka -Adini: ngu-Ebedi indodana kaJonathani ; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisihlanu. 7 Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka -Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa. 8 Kumadodana kaShefathiya: nguZebadiya indodana kaMikayeli ; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisishiyagalombili. 9 Kumadodana kaJowabe : ngu-Obadiya indodana kaJehiyeli ; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili neshumi nesishiyagalombili. 10 Kumadodana kaShelomiti : yindodana kaJosifiya ; kanye nayo ngabesilisa abayikhulu namashumi ayisithupha. 11 Kumadodana kaBebayi : nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili. 12 Kumadodana ka-Azigadi: nguJohanani indodana kaHakathani ; kanye naye ngabesilisa abayikhulu neshumi. 13 Kumadodana ka -Adonikamu, awokugcina: nanka amagama awo : ngo- Elifeleti, noJehiyeli, noShemaya, nabesilisa abangamashumi ayisithupha kanye nabo. 14 Kumadodana kaBigivayi : ngo-Uthayi noZabudi ; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa. 15 Ngababutha emfuleni oya e -Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi , angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi. 16 Ngase ngithuma ngibiza o -Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo. 17 Ngabathuma k u-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya , ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku -Ido nakubafowabo amaNethini endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu. 18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu b asilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka -Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nesishiyagalombili, 19 noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili, 20 nakuwo amaNethini uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili , abizwa onke ngamagama. 21 Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i -Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu , sizifunele kuye i ndlela emhlophe , thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke. 22 Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfun ayo ukuba kube kuhle , kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo. 23 Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa. 24 Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo, 25 ngabalinganisela isiliva negolide nezitsha , umnikelo wendlu kaNkulunkulu wethu, okwakunikelwe ngawo yinkosi nabeluleki bayo, nezikhulu zayo, naye wonke u-Israyeli owayelapho; 26 ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta angamakhulu a yisithupha namashumi ayisihlanu esiliva , namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva , namatalenta ayikhulu egolide, 27 nezindebe ezingamashumi amabili zegolide ezingamadarike ayinkulungwane, nezitsha ezimbili zethusi elikhazimulayo nelihle , eliyigugu njengegolide. 28 Ngathi kubo : Ningcwele kuJehova , nezitsha zingcwele ; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo. 29 Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa -Israyeli eJerusal ema emakamelweni endlu kaJehova. 30 Base bamukela abapristi namaLevi okulinganisiweyo , isiliva negolide nezitsha, ukuba bakuyise eJerusalema endlini kaNkulunkulu wethu. 31 Sase sisuka emfuleni i -Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusa lema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu , wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni. 32 Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu. 33 Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu , kwanikezwa esandleni sikaMeremoti , indodana ka - Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye ; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo, 34 konke-ke kwenziwa ngomumo nangesisindo ; sonke isisindo salotshwa ngaleso sikhathi. 35 Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka -Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u - Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha , namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhomb isa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova. 36 Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula; basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.