Skip to Content

U-Isaya Isahluko 2

1 Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema. 2 Kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba , iphakame kunamagquma , nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. 3 Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema. 4 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe , anqume phakathi kwabantu abaningi ; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba , nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba , zingabe zisafunda ukulwa. 5 Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Usuku lukaJehova 6 Ngokuba ushiyile abantu bakho , indlu kaJakobe , lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti , bexhawulana nabantwana babezizwe. 7 Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide , akukho ukuphela kwengc ebo yabo ; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho. 8 Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe ; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo. 9 Kepha abantu bayakufoliswa , namadoda ayakuthotshiswa ; abayikuthethelelwa. 10 Ngena edwaleni , ucashe othulin i ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe. 11 Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa , nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku. 12 Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku ol uyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo , kuthotshiswe, 13 naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni , emide nephakemeyo , naphezu kwawo onke ama-oki aseBashani, 14 naphezu kwazo zonke izintaba ezinde , naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo, 15 naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo , naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo, 16 naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi , naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo. 17 Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku, 18 ziphele izithombe, zithi nya. 19 Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlab a ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe , lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo. 20 Ngalolo suku abantu bayakulahla kuw o amavukuzi nakuwo amalulwan e izithombe zabo zesiliv a nezithombe zabo zegolide , abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo, 21 ukuze bangene emihumeni yamadwal a nasemifantwini yeziw a ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe , lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo. 22 Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje , ngokuba babalwa njengantoni na?