Skip to Content

U-Isaya Chapter 20

1 Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e -Ashidodi, ethunywe nguSarigoni , inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha, 2 ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo. 3 UJehova wathi : Njengalokhu inceku yami u -Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu , iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe, 4 kanjalo inkosi yase -Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe , abasha nabadala , behamba ze , bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe. 5 Bayakuphela amandla , babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo. 6 Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku : Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe , sophulwe enkosini yase - Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?