Skip to Content

U-Isaya Chapter 31

1 Wo kubona abehlela eGibith e ukuba basizwe khona , bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni , ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni. 2 Nokho naye uhlakaniphile , uyakuletha okubi; akayikubuyisa amazwi akhe, kepha uyakuvukela indlu yababi nosizo lwabenza okubi. 3 AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakh e uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye. 4 Ngokuba usho kanje kimi uJehova , uthi: Njengengonyama ebhongayo , ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo , lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo , lingazithobi ngomsindo wabo , kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehl a ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo. 5 Njengezinyoni ezindizay o kanjalo uJehova , uJehova S ebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule. 6 Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa - Israyeli. 7 Ngokuba ngalolo suku bayakulahla , kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu. 8 I-Asiriya liyakuwa ngenkemba , kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo. 9 Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela, usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni , nosithando sakhe siseJerusalema.