Skip to Content

U-Isaya Isahluko 40

1 Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu. 2 Qungani iJerusalema isibindi , nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo , ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo. 3 Izwi liyamemeza lithi : Lungisani ehlane indlela kaJehova , nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu. 4 Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa , nemigoxigoxi iyakuba yithafa. 5 Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile. 6 Izwi liyakhuluma lithi : Memeza! Ngathi: Ngiyakumemezani na ? Inyama yonke ingutshani, bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle. 7 Utshani buyabuna , imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani. 8 Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu weth u limi kuze kube phakade. 9 Khuphukela entabeni ende , wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho , wena Jerusalema obika okujabulisayo , uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi : Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu. 10 Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla ; ingalo yayo iyakumbusela ; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo. 11 Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane. Ngubani onjengoNkulunkulu na? 12 Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe , walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo , wahlanganisa uthuli esilinganisweni , walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na? 13 Ngubani oqondisile uMoya kaJehova, wamfundisa engumluleki wakhe, na? 14 Walulekana nobani waze wamqondisa , wamfundisa ind lela yokwahlulela , wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na? 15 Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni , zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo. 16 ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo az anele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa. 17 Zonke izizwe zinjengento engeluth o phambi kwakhe , zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye. 18 Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani , nimlinganise namuphi umfanekiso , na? 19 Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi, sanamekwa ngegolide ngumkhandi, sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na? 20 Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjal o uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphiley o ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa. 21 Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni , aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na? 22 Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba -- abakhile kuwo banjengezintethe -- noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo, 23 nowenza izikhulu zibe yinto engelutho, nabahluleli ukuba babe yize. 24 Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi. 25 Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye? usho oNgcwele. 26 Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo , abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa. 27 Usholoni wena Jako be, ukhulumelani wena Israyeli , ukuthi: Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami, na? 28 Awazi yini ? Awuzwanga na ? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba ; akapheli amandla , akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. 29 Nguye omupha oyethileyo amandla , nakongenamandla uyandisa izikhwepha. 30 Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, 31 kepha abamethembayo uJehov a bayathola amandla amasha , bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.