U-Isaya Chapter 53
1
Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na?
2
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe , nanjengempande emhlabathini owomileyo ; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke , yayingabukeki ukuba siyifune.
3
Yayideleliwe, yashiywa ngabant u, umuntu wobuhlungu owazi ukugula ; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
4
Kepha yazithwala izifo zethu , yabetshatha ubuhlungu bethu , kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
5
Yebo, yalinyazwa ngenxa y eziphambeko zethu , yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula , nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
6
Thina sonke sidukile njengezimvu ; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
7
Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa , ayivulanga umlomo wayo ; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni , nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
8
Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
9
Babeka ithuna layo kanye nababi ; ekufeni yayinabenza okubi , noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
10
Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo ; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala , iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
11
Ngokuhlupheka komphefumulo way o iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.
12
Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu , yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni , yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.