U-Isaya Chapter 55
1
We nina nonke enomileyo , wozani emanzini ; nani eningenamal i wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali , yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.
2
Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa , nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela , nidle okuhle , umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
3
Bekani izindlebe , nize kimi , nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu ; ngiyakwenza nani isiv umelwano esiphakade , izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
4
Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.
5
Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.
6
Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.
7
Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.
8
Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami, usho uJehova.
9
Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba , kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.
10
Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini , kungabuyeli khona , kepha kuwunethisa umhlaba , kuwenze ukuba uthele , uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa,
11
liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.
12
Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza , niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu , nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.
13
Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi , nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana . Kuyakuba yigama kuJehova , nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.