U-Isaya Chapter 62
1
Ngenxa yeSiyoni angi yikuthula, nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula , ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhany a nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.
2
Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
3
Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova , neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.
4
Awusayikuthiwa Oshiyiweyo , nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo , kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye , nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.
5
Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi , kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe ; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakh e uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.
6
Ngimisile abalind i phezu kwezingang e zakho , Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku ; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,
7
futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.
8
UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunen e nangengalo yamandla akhe, wathi: Impela angisayikuzinika izitha zakh o amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
9
kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla , bamdumise uJehova , nabaliqoqileyo bayakuliphuza emagcekeni endlu yami engcwele.
10
Phumani, niphume ngamasango , niyilungise indlela yabantu ; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.
11
Bhekani, uJehova uyezwakal a kuze kube sekugcineni komhlaba , ethi: Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi : Bheka, insindiso yakho iyeza . Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.
12
Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele , abahlengiweyo bakaJehova ; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.