Skip to Content

UDaniyeli Chapter 5

1 UBelishasari inkosi wenzel a izinduna zakhe eziyinkulungwane idili , waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane. 2 UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva , uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nez ikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. 3 Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo , nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo. 4 Baphuza iwayini , batusa onkulunkulu begoli de, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe. 5 Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu , yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi ; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo. 6 Kwase kuguquka ukucwebez ela kwayo , nemicabango yayo yayesabisa , zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana. 7 Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni. 8 Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi , kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo. 9 Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu , nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala. 10 Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho. 11 Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu ; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambek a induna yezanusi , neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo, 12 ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo , nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe , nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo. 13 Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi . Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda , abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na? 14 Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo. 15 Manje-ke kungeniswe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo , bangazise incazelo yawo , kepha behl uleka ukubonakalisa incazelo yale ndaba. 16 Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo , uthukulule amafindo ; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo , ungazise incazelo yawo , uyakwembathiswa okububende , ube nomgexo wegolide entanyeni yakho , ubuse ube ngowesithathu embusweni. 17 Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi : Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho ; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo. 18 E nkosi , uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi; 19 ngenxa yobukhulu owamnika bona , bonke abantu , nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe ; athanda ukumbulala wambulala , athanda ukumyeka wamyeka ; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa. 20 Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla , wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi , balususa udumo lwakhe kuye; 21 waxoshwa kubantwana babantu ; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu , waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ubeka phezu kwayo amthandayo. 22 Nawe ndodana yakhe , Belishasari, awuthobanga inhliziyo yakho , noma wazi konke lokho, 23 kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini ; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho ; wena nezinduna zakho , nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo , utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni , abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe , nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga. 24 Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo. 25 Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN. 26 Nansi incazelo yale nto : MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho , uwuqedile. 27 TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula. 28 PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya. 29 Khona uBelishasari wayaleza , bamembathisa u Daniyeli okububende , bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe , benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni. 30 Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa. 31 UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.