Skip to Content

UDaniyeli Chapter 8

1 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala. 2 Ngabona embonweni ; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase -Elamu; ngabona-ke embonweni , ngangisemfuleni i-Ulayi. 3 Ngase ngiphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili ; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile , kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva. 4 Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga , nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo , kwakungekho ongophula esandleni sayo , kepha yenza njengentando yayo , yazikhulisa. 5 Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba , ingawuthinti umhlaba kodwa; impongo yayinophondo oluqhamileyo emkhathini wamehlo ayo. 6 Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili , engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla. 7 Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo. 8 Impongo yayisizikhulisa kakhulu ; kwathi lapho isinamandla , uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu. 9 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle. 10 Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini , lwaphonsa phansi okunye kwebandla, okwezinkanyezi, lwakunyathela. 11 Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla , lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke , nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi. 12 Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo. 13 Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma , nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na? 14 Wathi kimi: Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele. 15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli , ngafuna uk uwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu. 16 Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe -Ulayi elalimemeza lathi : Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono. 17 Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela. 18 Esakhuluma nami , ngalala ubuthongo obukhulu , ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona. 19 Wathi: Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ng asekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. 20 Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili , zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. 21 Impongo iyinkosi yaseJavini ; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. 22 Kepha olwaphuk ileyo, esikhundleni salo okwavela ezine , kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, ingenamandla alo kodwa. 23 Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela. 24 Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza ; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele. 25 Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo , izikhulise enhliziyweni yayo , ichithe abaningi ekuthuleni ; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla. 26 Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile , kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi. 27 Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono , kwakungekho owuqondayo.