UDuteronomi Chapter 2
1
Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo k imi uJehova . Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.
2
UJehova wakhuluma kimi, wathi:
3
Sekuyisikhathi niyizungeza le ntaba; phendukani, niye ngasenyakatho.
4
Yala abantu ngokuthi : Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,
5
ningalwi nabo , ngokuba angiyikuninika izwe labo , ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.
6
Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.
7
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho ; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu ; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe , awuswelanga lutho.
8
Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase -Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.
9
UJehova wayesethi kimi : Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni , ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa , lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.
10
Kwakuhlala khona kuqala ama -Emi, abantu abakhulu , abaningi, abade njengama-Anaki;
11
laba bathiwa namaRefa njengama -Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.
12
AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala , kepha abantwana bakwa -Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo , bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe , aphiwe lona nguJehova.
13
Sukani kalokhu, niwele umfula iZeredi. Sase siwela-ke umfula iZeredi.
14
Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.
15
Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu, aze aphela.
16
Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17
uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18
Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;
19
lapho ususondela m alungana nabantwana bakwa -Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa -Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.
20
Nalelo lithiwa izwe lamaRefa ; amaRefa ahlala khona kuqala ; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,
21
abantu abakhulu , abaningi, abade njengama -Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,
22
njengalokho ebenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri , lapho ewachitha amaH ori phambi kwabo , bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;
23
kanjalo nama -Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza , anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.
24
Sukani nihambe , niwele umfula i -Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori , inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.
25
Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu , eziyakuzwa indaba yakho , zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.
26
Ngase ngithuma izithunywa kuSihoni inkosi yaseHeshiboni , zisuka ehlane laseKedemoti, zinamazwi okuthula, ngokuthi:
27
Mangidabule izwe lakho ; ngiyakuhamba ngomgwaqo , ngingajiki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
28
Uyakuthengisa kimi ukudla ngemali ukuba ngidle, ningiphe amanzi ngemali ukuba ngiphuze; mangidabule kuphela ngezinyawo,
29
njengalokho bangenzela abantwana bakwa -Esawu ababehlala eSeyiri nabakwaMowabi ababehlala e -Ari, ngize ngiwele iJordani , ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.
30
Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe , wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe , ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.
31
UJehova wayesethi kimi : Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.
32
USihoni waphuma wasihlasela , yena nabo bonke abantu bakhe , ukuzokulwa eJahasi.
33
UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu , samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.
34
Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi , sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;
35
izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.
36
Kusukela e -Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama ; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;
37
izwe labantwana bakwa -Amoni nokho awusondelanga kulo , uhlangothi lomfula iJakobi , nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.