Skip to Content

UDuteronomi Chapter 22

1 Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka , ucashe kuzo ; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. 2 Uma umfowenu engeseduze nawe noma ung amazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye. 3 Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe , wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi. 4 Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni , ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa. 5 Owesifazane makangagqoki okwendoda , nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Ngokuphatha kahle izilwane nangokungahlanganisi okungafanele 6 Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda , unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane, 7 kepha uvumele unina ukuba asuke , wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho. 8 Nxa wakha indlu entsha , uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona. 9 Awuyikutshala is ivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu , funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini. 10 Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo. 11 Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana , uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni. 12 Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo. Imithetho yokugana neminye efananayo 13 Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale, 14 amkhese ngezinto eziyihlazo , amenzele igama elibi , athi: Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye , angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye, 15 uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi , baziyise kumalunga omuzi esangweni, 16 uyise wentombi athi kumalunga : Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala; 17 bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi : Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho , nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami . Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi. 18 Amalunga alowo muzi ayakumthatha lowo muntu, amlaye, 19 amhlawulise ngamashekeli esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi , ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa -Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe. 20 Kepha-ke uma le nto iqinisile yokut hi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini, 21 bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise , amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife , ngokuba yenzile ubuwula kwa -Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. 22 Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogane enye indoda , bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo ; kanjalo uyakukhipha ububi kwa-Israyeli. 23 Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda , umuntu ayifumane emzini, alale nayo, 24 niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi , nibakhande ngamatshe baze bafe , intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini , nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. 25 Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso , indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa, 26 ungenzi lutho kuyo intombi , ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe , ambulale, 27 ngokuba wayif umana isendle ; noma intombi eyingoduso yakhala , akwabakho muntu wokuyisindisa. 28 Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso , iyibambe, ilale nayo , baficwe, 29 indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo. 30 Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe.