UDuteronomi Chapter 30
1
Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele , isibusiso nesiqalekiso , engizibekile phambi kwakho , uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,
2
ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho,
3
khona uJehova uNkulunkulu wak ho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho , akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke , lapho uJehova u Nkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.
4
Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu , uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona,
5
uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo , ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.
6
UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.
7
UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzibeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo ababekuzingela.
8
Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova , uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.
9
UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho , nasenzalweni yezinkomo zakho , nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,
10
uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho , uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
11
Ngokuba lo myalo eng ikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe , awukude.
12
Awusezulwini ukuba uthi : Ngubani oyakusikhuphukelela ezulwini , asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?
13
Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi : Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?
14
Cha, izwi liseduze kakhulu nawe , lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.
15
Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,
16
ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.
17
Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa , kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,
18
ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha ; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.
19
Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa , isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,
20
ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.