Skip to Content

UGenesise Chapter 10

1 Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa : ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo. 2 Amadodana kaJafete : ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase. 3 Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noRifate, noThogarma. 4 Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi. 5 Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo , kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo. 6 Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani. 7 Amadodana kaKushe : ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani. 8 UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 9 Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova ; ngalokho kuthiwa : Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova. 10 Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele , nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari. 11 Waphuma kulelo zwe , waya e -Asiriya, wakha iNineve , neRehoboti-Ire, neKhala, 12 neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu. 13 UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi, 14 namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori. 15 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, 16 namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, 17 namaHivi, nama-Arki, namaSini, 18 nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka. 19 Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni , waya ngaseGerari waze wafika eGaza ; waya ngaseSodoma naseGomora nase -Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha. 20 Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo. 21 NoShemi uyise wabantwana bonke baka -Ebere, umnewabo om khulu kaJafete, wazala abantwana. 22 Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no- Aramu. 23 Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe. 24 U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere. 25 U-Ebere wazala amadodana ama bili; igama lomunye lalinguPhelege , ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. 26 UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJere, 27 noHadoramu, no-Uzali, noDikila, 28 no-Obale, no-Abimayele, noSheba, 29 no-Ofiri, noHavila, noJababi; bonke laba babengamadodana kaJokothane. 30 Ukwakha kwabo kwasukela eMesha kwaze kwafika ngaseSefare , intaba yasempumalanga. 31 Laba babe ngamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo , emazweni awo nasezizweni zawo. 32 Lezi ziyim indeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.