UGenesise Chapter 18
1
UJehova wabonakala kuye ngasema -okini aseMamre , ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.
2
Waphakamisa amehlo akhe , wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe ; wathi ukuba awabone , wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,
3
wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho , mawungadluli encekwini yakho.
4
Makulethwe ingcosana ya manzi, nigeze izinyawo zenu , niphumule phansi komuthi.
5
Ngizakulanda ucezu lwesikwa , nithokozise izinhliziyo zenu , andukuba nidlule, njengokuba senifikile encekwini yenu . Athi: Yenza njengokusho kwakho.
6
U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara , wathi: Sheshisa, uthathe amaseya amathathu empuphu ecolekileyo , uyixove, wenze amaqebelengwane.
7
U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.
8
Wathatha amangqanga , nobisi, nethole abelilungisile , wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.
9
Athi kuye: Uphi uSara umkakho na? Wathi: Nangu etendeni.
10
Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.
11
Kepha o -Abrahama noSara base begugile , beneminyaka eminingi ; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.
12
USara wahleka phakathi kwakhe , wathi: Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?
13
UJehova wa thi ku -Abrahama: Uhlekeleni uSara , ethi: Imbala ngizakuzala ngimdala na?
14
Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.
15
USara waphika wathi : Angihlekanga, ngokuba wesaba. Kepha wathi: Qha, uhlekile. Ukumenyezelwa kokuchithwa kweSodoma nokulikhulekela kuka-Abrahama
16
Amadoda asuka lapho , abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.
17
UJehova wathi: Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na?
18
U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.
19
Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela , ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.
20
UJehova wathi: Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu , nezono zabo zinzima impela.
21
Ngalokho ngiyakwehla , ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.
22
Ayesefulathela lapho amadoda , aya ngaseSodoma, kepha u -Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
23
U-Abrahama wasondela , wathi: Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?
24
Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?
25
Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?
26
UJehova wathi: Uma ngif umana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.
27
Kepha u -Abrahama waphendula wathi : Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.
28
Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kub o abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na ? Wathi: Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.
29
Kepha wabuye wakhuluma kuye , wathi: Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamas humi amane . Wathi: Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.
30
Wayesethi: Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma . Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amathathu . Wathi: Angiyikukwenza, uma ngifumana abangamashumi amathathu lapho.
31
Kepha w athi: Bheka, ngiqalile ukukhuluma neNkosi . Mhlawumbe kungatholakala abangamashumi amabili khona . Wathi: Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.
32
Wayesethi: Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje . Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona. Wathi: Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.
33
UJehova wasuka , nxa eseqedile ukukhuluma no -Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.