UGenesise Chapter 20
1
U-Abrahama wayesesuka lapho , waya ngasezweni laseningizimu , wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.
2
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe : Ungudadewethu. Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.
3
Kepha uNkulunkulu weza ku -Abimeleki ngephupho ebusuku , wathi kuye: Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.
4
Kepha u -Abimeleki wayengakasondeli kuye ; wathi: Nkosi, uyakubhubhisa nesizwe esilungileyo na?
5
Akashongo kimi ukuthi : U ngudadewethu, na? Naye uqobo wathi : Ungumnewethu. Ngobuqotho benh liziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.
6
Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni : Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho ; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi ; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.
7
Kepha manje wen a, buyisa umfazi wendoda , ngokuba ingumprofethi ; iyakukukhulekela ukuba uphile ; uma ungambuyiseli , yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.
8
U-Abimeleki wavuka ekuseni , wabiza izinceku zakhe zonke , wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.
9
U-Abimeleki wayesembiza u -Abrahama, wathi kuye : Wenzeni kithi na ? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na ? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.
10
U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: Wabonani ukuba wenze lokhu na?
11
U-Abrahama wathi : Ngokuba bengithi : Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.
12
Futhi impela ungudadewethu , indodakazi kababa , kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami.
13
Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endli ni kababa, ngathi kuye: Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: Ungumnewethu.
14
U-Abimeleki wayesethatha izimvu , nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
15
Wathi u -Abimeleki: Bheka, izwe lami lisebusweni bakho ; yakha lapho uthanda khona.
16
Wathi kuSara : Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.
17
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu . UNkulunkulu wamphulukisa u - Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.
18
Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.