UGenesise Isahluko 22
1
Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u -Abrahama, wathi kuye: Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.
2
Wayesethi: Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya , unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.
3
U-Abrahama wavuka ekusen i, wabophela imbongolo yakhe , wathatha ezimbili ezincekwini zakhe , no-Isaka indodana yakhe ; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.
4
Ngosuku lwesithathu u -Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wayibona indawo isekude.
5
U-Abrahama wathi ezincekwini zakhe : Hlalani lapha nembongolo ; mina nomfana sisaya laphaya, sikhuleke, sibuye size kini.
6
U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa , wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe , waphatha esandleni sakhe uml ilo nomese ; bahamba bobabili kanyekanye.
7
U-Isaka wathi ku -Abrahama uyise : Baba. Wathi yena : Ngilapha, ndodana yami. Wayesethi: Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?
8
U-Abrahama wathi : UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami, bahamba bobabili kanyekanye.
9
Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona ; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e- altare phezu kwezinkuni.
10
U-Abrahama waselula isandl a sakhe , wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe.
11
Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini , ithi: Abrahama, Abrahama! Yena wathi: Ngilapha.
12
Yayisithi: Ungabeki isandla sakho kumfana , ungenzi lutho kuye , ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesab a uNkulunkulu , lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.
13
U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo ; u-Abrahama waya wayithatha inqama , wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
14
U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela , njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.
15
Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,
16
ithi: Ngizifungile, usho uJehov a, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu , ungagodlanga indodana yakho eyodwa,
17
ngiyakukubusisa nokukubusisa , ngandise nokwandisa inzalo yakho , ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,
18
nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba , ngokuba ulalele izwi lami.
19
U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u- Abrahama wakha eBeri Sheba. Inzalo kaNahori
20
Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku -Abrahama ukuthi : Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana:
21
Ngu-Use izibulo lakhe, noBusi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu,
22
noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,
23
uBetuweli wazala uRebeka ; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.
24
Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba , noGahamu, noTahashi, noMahakha.