UGenesise Isahluko 33
1
UJakobe waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nango u -Esawu eza enamadoda angamakhulu amane . Abantwana wabahlukanisela oLeya , noRaheli, nezincekukazi zombili.
2
Wabeka izincekukazi n abantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.
3
Yena uqobo wadlulela phambi kwabo , wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.
4
U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.
5
Waphakamisa amehlo akhe , wabona abesifazane nabantwana , wathi: Bangobani laba onabo na ? Wathi: Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.
6
Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama.
7
Wasondela noLeya nabantwana bakhe , bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.
8
Wayesethi: Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na ? Wathi: Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.
9
Kepha u -Esawu wathi : Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.
10
UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.
11
Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe , ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke . Wamcindezela; wasamukela- ke.
12
Wayesethi: Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.
13
Wathi kuye: Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane ; uma bezish ishinga usuku olulodwa , umhlambi wonke uyakufa.
14
Ake idlule inkosi phambi kwenceku yayo , mina ngiseseze njengokuhamba kwempahla ephambi kwami nanjengokuhamba kwabantwana , ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.
15
U-Esawu wathi: Ake ngishiye kuwe abanye abant u bami. Wathi: Ngani na? Mangifumane umusa emehlweni enkosi.
16
U-Esawu wayesebuyela endleleni yakhe ngalolo suku, waya eSeyiri.
17
UJakobe wasuka waya eSukoti , wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.
18
UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani , evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.
19
Wathenga isiqephu sezwe , lapho ebemise khona itende lakhe , esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita ayikhulu.
20
Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.