Skip to Content

UGenesise Isahluko 35

1 UNkulunkulu wathi kuJakobe : Suka ukhuphukele eBethele , uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i -altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu. 2 Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye : Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu , nizihlambulule nina , niziphendulele izingubo zenu, 3 sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i -altare, yena owangiphendula ngosuk u lokuhlupheka kwami , waba nami endleleni engangiyihamba. 4 Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo , namacici ayesezindlebeni zabo ; uJakobe wakuthukusa phansi kwe -oki elalingaseShekemi. 5 Base bemuka ; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe. 6 UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele , yena kanye nabantu bonke ababe naye. 7 Wakha khona i -altare, wayibiza indawo ngokuthi i -Eli Bethele , ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo. 8 UDebora umzanyana kaRebeka wafa , wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki; igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti. Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli 9 UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu , wambusisa. 10 UNkulunkulu wathi kuye : Igama lakho linguJakobe , igama lakho alisayikuthiwa uJakobe ; igama lakho lizakuba ngu -Israyeli, wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli. 11 UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho; 12 izwe engabapha lona o -Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona. 13 UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni laph o ebekhulume naye khona. 14 UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona , insika yetshe ; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa , wathela namafutha phezu kwayo. 15 UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele. 16 Base besuka eBethele ; kwakuse yibangana ukuya e -Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima. 17 Kwathi esenemihelo enzima , umbelethisi wathi kuye : Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi. 18 Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini. 19 Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema. 20 UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe , eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla. 21 U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase - Edere. 22 Kwathi u -Israyeli esehlala kulelo zwe , uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili. 23 Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. 24 Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. 25 Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. 26 Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no -Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu. 27 UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona. 28 Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 29 U-Isaka wagqibuka wafa , wabuthelwa kubantu bakhe , emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.