UGenesise Isahluko 49
1
UJakobe wabiza amadodana akhe , wathi: Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2
Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo.
3
Rubeni, uyizibulo lami wena , amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami , ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.
4
Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.
5
OSimeyoni noLevi bayizelamani ; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6
Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami , ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu ; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7
Makuqalekiswe ulaka lwabo , ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya ; ngizakubahlukanisa kwaJakobe , ngibasakaze kwa - Israyeli.
8
Juda, abafowenu bazakukudumisa wena ; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9
UJuda uyibhongo lengonyama . Wenyuke empangweni , ndodana yami . Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi ; ngubani oyakumvusa na?
10
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda , nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
11
Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle ; uhlanza izingubo zakhe ewayinini , nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12
Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13
UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle , abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
14
U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.
15
Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle , nezwe ukuthi limnandi ; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.
16
UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe , njengesinye sezizwe zakwa - Israyeli.
17
UDani uyakuba yinyoka endleleni , inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.
18
Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
19
UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20
Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe ; uyakuveza isilovela samakhosi.
21
UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo; uveza amazwi amnandi.
22
UJosefa uyingat sha entsha ethelayo , ingatsha ethela ngasemthonjeni ; amagatsha akhe akhwela odongeni.
23
Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;
24
kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile ; amandla ezandla zakhe aqinisw a ngezandla zoMninimandla kaJakobe , okuvela kuye uMalusi netshe lika - Israyeli,
25
ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza , ngoSomandla ozakukubusis a ngezibusiso zasezulwini phezulu , nangezibusiso zasotweni olukhona phansi , nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26
Izibusiso zikayihlo zinamandl a kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo ; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27
UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo ; ekuseni uyadla impango , kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.
28
Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa -Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo , wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.
29
Wabayala, wathi kubo: Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,
30
umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku -Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;
31
lapho bembela o -Abrahama noSara umkakhe ; lapho bembela o -Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;
32
insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.
33
UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.